UMASIPALA WASETHEKWINI UMEMA IZIPHAKAMISO KUBAHLELI BEMICIMBI ZOKUBAMBISANA NAWO EKUKHANGISENI IZINDAWO ZOKUVAKASHA

UDurban Tourism kaMasipala weTheku umema abantu abanamakhono afanele, isipiliyoni futhi abasendimeni yotshalomali olwakhelwe phezu kwesisekelo somkhakha wezokuvakasha ukuba balethe iziphakamiso zokukhangisa zokuvakasha maqondana nesikhathi sasebusika buka-2025/2026 kanye nesamaholide (Julayi 2025 kuya kuJanuwari 2026. Imicimbi ehlongozwayo kufanele ihehe kakhulu, ikhombise impilo nabantu abahlukahlukene baseThekwini, ikwazi ukuheha izivakashi zakuleli nezasemazweni angaphandle.

IMINININGWANE YEZIPHAKAMISO EZIFAKWAYO:

IZIPHAKAMISO KUFANELE ZIHAMBISANE NALOKHU:

1. Imininingwane ephelele yemicimbi ehlongozwayo nokuthi iTheku lizohlomula kanjani kulolu bambiswano.

2. I-Event Profile Questionnaire (EPQ) egcwalisiwe futhi yasayinwa ngesandla.

3. Zone ezinye izincwadi noma imibhalo edingekayo ebalulwe kwi-EPQ.

Amafomu e-EPQ atholakala kuleli kheli: www.durban.gov.za nakuleli https://tinyurl.com/EPQForm2025Etk

MAYELANA NEMINYE IMINININGWANE THINTANA NO:

Ms. Hlengiwe Dube on hlengiwe.dube2@durban.gov.za / Ms. Charmaine Nkosi via Charmaine.Nkosi@durban.gov.za or Tel: 031 322 4164

UKUTHOLA INCAZELO EGCWELE NGALESISIMEMO COFA ISIKHANGISO ESINGEZANSI